-
Mmangaliso Zuma
Monday to Friday
11h00 - 14h00
Mmangaliso Zuma | Monday to Friday, 07h00 - 10h00
Vuka Nathi Breakfast Show
Qala usuku lwakho ngeVuka nathi Breakfast Show ngoba awukwazi ukuqala usuku lwakho ungasidlanga isidlo sasekuseni: Imiyalelo kadokotela. Siyazibophezela ekutheni isidlo sakho siba nayo yonke imisoco oyidingayo: Umculo omnandi, ulwazi kanjalo nezingxoxo ezixukuza ingqondo. Sibuye sikuphe amazwi akhuthazayo navuselela ithemba.
Start your day with Vuka nathi Breakfast Show because you cannot start your day without eating your breakfast: doctors’ orders. We are obliged to giving you a nutritious meal: great music, knowledge, and intellectual topics. We also equip you with encouraging words that revive hope.
-
Nkululeko Duma
Monday to Friday
07h00 - 10h00
Nkululeko Duma | Monday to Friday, 11h00 - 14h00
Imini Yethu
IMini Yethu uhlelo lwasemini, phakathi nezinsuku olugxile ekwakheni, nasekuthuthukiseni umphakathi ngezingosi ezifundisayo futhi ezicobelelana ngolwazi; kukho konke umuntu abhekana nakho. Thokozela loluhlelo olulungele wonke umuntu, futhi olukunika nomculo othokozisa inhliziyo.
Imini Yethu is a midday show that airs on weekdays. It mainly focuses on community development and empowerment, with features that educate and are informative, in all aspects of life. Tune in to the show for people of all ages that also plays you heart-warming music.
| Monday to Friday, 15h00 - 17h00
Hamba Nathi Drive
I-Hamba Nathi Drive uhlelo olwenzelwe abantu abasha kanye nawo wonke umuntu osuke esendleleni ebheke ekhaya, ntambama, phakathi nezinsuku. Kulolu hlelo sikunika ulwazi ngokwenzeka emgwaqeni, ezobuchwepheshe, ezomthetho, ezempilo, ezobulili, ezomnotho, ezase-Afrika kanye nezindaba zakamuva. Sikhuluma ngezihloko ezilula ezikwenza ujabule uphinde upholise ikhanda ngemuva kosuku olude.
Hamba Nathi Drive is a show that is made for the youth and everyone who is travelling back home in the afternoon, on weekdays. In this programme, we give you traffic updates, technology information, law-related matters, health-related issues, gender matters, economic updates, African overview, and the latest local news. We talk about light topics that will make you relax after a long day.
Current Affairs-Izindaba zomphakathi | Mon-Sat
-
Blessing Sincuba
Current Affairs
-
Thembelani Buthelezi
Current Affairs
-
Menzi Ngcobo
Current Affairs
Ezinhlelweni zethu zezindaba zomphakathi yilapho sikwethulela khona izindaba ezidle ngeqiniso zagqama ngokungachemi. Phakathi neviki sinalezi zinhlelo: Ezasekuseni (05h30 – 06h30), Ezinohlonze (13h05 – 13h40), kanye nohlelo Amabalengwe (17h05 – 18h00). NgoMgqibelo sinohlelo Ezihluba Udlubu Ekhasini (05h30 – 06h00) kanye nohlelo lwezingxoxo IsoleKhwezi (18h00 – 19h00). Ezinhlelweni Zethu sithinta lokhu ekwenzeka esifundazweni sethu (KZN), ezewni lonke (South Africa), kanye nokunye okwenzeka kwamanye amazwe.
On our current affairs programs we deliver news that is accurate and impartial. On weekdays, we have the following shows: Ezasekuseni (05h30 – 06h30), Ezinohlonze (13h05 – 13h40), and Amabalengwe (17h05 – 18h00). On Saturdays we have Ezihluba Udlubu Ekhasini (05h30 – 06h00) and the talk-show Iso leKhwezi (18h00 – 19h00). Our news programs consist of local (KZN), national (South Africa), and a bit of international news.
-
Mlungelwa Duma
Khwezi Sports Zone
-
Siphiwe Ngema
Khwezi Sports Zone
-
Sipho Chule
Khwezi Sports Zone
Khwezi Sports Zone
Mlungelwa Duma, Siphiwe Ngema and Sipho Chule | Monday to Saturday
Ekuseni: 06h30 - 07h00, 08h30 & 09h30
Emini: 13h30, 15h30 & 16h30
Ntambama: 18h05 - 19h00
Ngo Mgqibelo lutholakala ngo 06h00 - 07h00 nango 17h00 - 18h00
IKhwezi Sports Zone uhlelo olukunikeza ulwazi ngezindaba zemidlalo eyahlukahlukene. Singena sigxile ezindabeni ezenzeka emiphakathini esakhelene nayo. Sikunikeza okwenzeka kwezemidlalo eyahlukene ongabala: ibhola lezinyawo, ibhola lombhoxo, ibhola lomnqakiswano, ikhilikithi, isibhakela, ithenisi kanye nezokubhukuda. Sikuxoxela ngokwenzeka kumaligi ethu: i-Premier soccer league, i-Motsepe Foundation championship kanjalo ne-ABC Motsepe league (KZN). Siyawavakashela namaligi amakhulu emhlabeni okuyi-EPL (England), Serie A (Italy), Bundesliga (Germany), Spanish La liga (Spain).
Khwezi Sports Zone is a programme that gives you updates on sports news. We deeply delve into what is happening in the surrounding areas. We seek to inform you on what is happening in different sports like: Soccer, rugby, netball, cricket, tennis, and swimming. We tell you about what is happening on our local soccer leagues: The Premier Soccer League, the Glad Africa Championship, and the ABC Motsepe League (KZN). We also visit the world’s big football leagues which include: The EPL (England), Serie A (Italy), Bundesliga (Germany), and Spanish La liga (Spain).
-
Phakamani Mkhwanazi
Monday to Friday,
21h30 - 00h00
Phakamani Mkhwanazi | Monday to Friday, 21h30 - 00h00
Inqola Emasondosondo
Usuku lwakho belukhathaza futhi lugcwele iziphithiphithi? Uhlelo lwethu lwaphakathi nezinsuku ebusuku, iHlala nathi, lwakhelwe wena gqo! Isikhathi sasebusuku silungele ukuphumula nokwetshisa usuku obelugcwele ingcindezi. Siphinde silungele ukuzindla kanye nokuzihlolisisa. Sikhuluma ngezihloko ezikunika ithuba lokuthi wenze konke lokhu eziphinde zikukhumbuze ukuthi wena ungumnqobi. Sigxila ekwakheni nasekuhlanganiseni imindeni. Ngaphambi kokuthi silugoqe uhlelo lwethu, phakathi kwamabili, sinika uNkulunkulu indawo ukuba kube nguyena owokugcina ukukhuluma, ngomthandazo.
Did you have an exhausting and hectic day? Our midweek night-time show is made specifically for you! The night-time is perfect for relaxing and winding down after a stressful day. It is also ideal for meditation and self-introspection. We have topics that give you enough time to do all the aforementioned and remind you that you are a conqueror. We focus on family building and bringing families together. Before ending the show, at midnight, we give God the platform to be the last one to speak, with a prayer.